SS Plus

imibuzo ngokholo lwawoFakazi bakaJehova esingababuza yona

Ofakazi bakaJehova bayathanda ukusebenzisa iBhayibheli ukuyifakazela imibono yabo kodwa kuyadabukisa kakhulu ukuthi abaholi babo babachazela abalandeli babo ngendlela engalungile izinto ezibalulekile kakhulu zaseBhabyibhelini.

IBhayibheli liyasifundisa ukuthi kukhona uNkulunkulu oYedwa zwi oneziqu ezintathu ezinguYise neNdodana noMoya oNgcwele

kodwa

oFakazi bayakuphika lokhu bethi iNdodana ayisiye uNkulunkulu oqotho nokuthi ayinamandla onke. Mhlayimbe ingaba-ngunkulunkudlwana ongaphansi. Kanti-ke ngokusho kwabo ngokweqiniso uJesu uyingelosi edaliweyo kuphela. Siyayazi yona ngegama lokuthi uMikayeli.

IBhayibheli liyasifundisa ngokucacile ukuthi uMoya oyiNgcwele unguNkulunkulu naye

kodwa

oFakazi bayakuphika bethi uyiNto-nje engenasibili; ungamandla-nje njengelektrisithi.

IBhayibheli liyasifundisa obala ukuthi uJesu wafa esiphambanweni

kodwa

oFakazi bathi akafanga esiphambanweni kepha wabethelwa ensikeni ephuhlile.

IBhayibheli liyasifundisa ukuthi uJesu wavuka kwabafileyo

kodwa

oFakazi bayakuphika lokhu bethi isidumbu sakhe sasidilizwa nguJehova owabuya wamdala ngokusha njengomoya/njengomphefumulo.

IBhayibheli liyasifundisa ukuthi uJesu uzobuya obala emafwini

kodwa

oFakazi bathi uJesu wafika ngokusha kanti ngasese emnyakeni ka-1914 nxa ebezihlalisa esihlalweni sakhe sobukhosi kanye nabo oFakazi bakaJehova abakhethiweyo abangu-144.000.

IBhayibheli liyasifundisa ukuthi abakholiweyo nxa befa basaphila kuNkulunkulu

kodwa

oFakazi bathi nxa befa abantu baphela kuthi nya babuye badalwe ngokusha ngosuku lokwahlulelwa oluzoba-yiminyaka enkulungwane.

IBhayibheli liyasifundisa ukuthi kukhona isihogo

kodwa

oFakazi bayakuphika lokhu. Ngaphezu kwalokhu bayabanqabela abantu ukuba kuthathwe inxenye yegazi lomunye umuntu lithelwe emithanjeni yabo.

IBhayibheli liyasifundisa ukuthi uJesu unguMmeli wabo bonke abakholiweyo

kodwa

oFakazi bathi uJesu unguMmeli walabo abangu-144.000 kuphela, futhi-ke yilabo abangu-144.000 abayukubakhetha abanye abazokulidla ifa lomhlaba omusha.

indlela esingakhuluma ngayo nabo oFakazi bakaJehova ukuba bafinyelele eqinisweni uNkulunkulu asambulele lona

1 NGABO UBUZIQU-ZINTATHU

2 NGAYE UJEHOVA

3 NGOJESU KRISTU OLINGANISWA NESIDALWA
4 NGAYE UMOYA OYINGCWELE 5  UJESU WAFA ESIPHAMBANWENI NOMA ENSIKENI NA? 6 NGOKUVUKA KWABAFILEYO KUKAJESU
7 NGOKUBUYA KUKAJESU KRISTU

8 NGOKUBUYA KUKAJESU NGOKOMZIMBA

9 NGOKUBA-KHONA KUSUKELA EKUFENI

10 NGOSUKU LOKWAHLULELWA

11 NGESIHOGO

12 NGABO ABANGU-144.000
13 NGOJESU ONGUMMELI WABATHIZE-NJE 14 NGEGAZI LOMUNTU ELITHELWA KOMUNYE  

 1 NGABO UBUZIQU-ZINTATHU

oFakazi bathi

Asikholwa kuye uNkulunkulu oneziQu-zintathu, kodwa sithi nguBaba kuphela onguNkulunkulu oqotho

iBhayibheli lithi

Umprofethi uIsaya usho ngokucacile ukuthi kukhona uNkulunkulu oYedwa noQotho (uIsaya 43:10-11; 44:6; 45:5, 21-23).

Bonke abanye abathiwa onkulunkulu bayizithixo noma bayizidalwa ezithiwa ngamanga ukuthi zingonkulunkulu (linganisa abaHluleli 16:23; II kwabaseKorinte 4:4).

umbuzo

Kungenxa yani ukuthi lo uIsaya oshoyo ngokucacile ukuthi kukhona uNkulunkulu oYedwa weqiniso uMbiza uJesu ukuthi uNkulunkulu onamandla noYise ongunaphakade na? (uIsaya 9:6; kuIsaya 10:21 sizwa ukuthi nguYise obizwa ngokuthi uNkulunkulu onamandla).

impendulo

UIsaya uyafundisa ukuthi bobabili (uYise neNdodana) babizwa ngokuthi uNkulunkulu weqiniso nokuthi nokho kukhona uNkulunkulu oYedwa zwi! Kusho lokhu ukuthi uYise neNdodana kanyekanye banguNkulunkulu oYedwa. Lendlela yokukhuluma iyaqondakala ngokuba nabo ababili abaganeneyo kuthiwa ngabo ukuthi bamunye (uGenesise 2:24).

IBhayibheli liyasifundisa kabanzi ukuthi kukhona kuphela uNkulunkulu oYedwa (uEksodusi 20:3; uDuteronomi 6:4; I kuThimothewu 1:17; ekaJakobe 2:19). Ngokusho kukaMathewu 28:19 loNkulunkulu oYedwa uneziqu ezintathu lapho ethi: Anibabhabhathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele@ - kukhulunywa lapha ngegama elilodwa kuphela. Okusho ukuthi laba abaThathu banguNkulunkulu oYedwa: uYise (linganisa kwabase-Efesu 1:3; ngokukaJohane 1:1,18) neNdodana (linganisa ngokukaJohane 1:1, 18; 20:28; I kaJohane 5:20; II kaPetru 1:1) noMoya oyiNgcwele (linganisa izEnzo 5:3; II kwabaseKorinte 3:17-18).

Index

2 NGAYE UJEHOVA

oFakazi bathi

UNkulunkulu uYise ufanele abizwe ashunyayelwe ngokuthi >uJehova= ukuba sikholane naye nokuba emsebenzini wobuthunywa simhlukanisele nezithixo zonke.

umbuzo

Kungani ukuthi iTestamente eliSha alisebenzisi nakanye igama lokuthi >uJehova= noma elokuthi >uJahwe= ( %+%* ) na?

impendulo

Nazo izigatshana ezincane zeTestamente eliSha elalilotshwa ngesiGreki ezazifunyanwa azisebenzisi leligama. Lalingasuswa ngamaBandla asekuqaleni (ayethandelani ukwenza njalo na?). Kodwa-ke nalo iTestamente eliSha lesiGreki eninalo nina-boFakazi (Athe Kingdom Interlineair@) alinalo nakanye lelogama lokuthi >uJahwe= lapho nihumusha nina ngokuthi >uJehova=, kodwa lisebenzisa amagama okuthi Kurios (iNkosi) noma Theos (uNkulunkulu). NaseAthena lapho uPawulu ebefanele ukuhlukanisa uNkulunkulu weqiniso nezithixo akazange alisebenzise igama lokuthi >uJahwe=. Naye uJesu wayengabafundisi abafundi bakhe ukumbiza uNkulunkulu ngokuthi =uJahwe= kodwa babefanele bambize ngegama eliseduze naye ngokuthi >Baba wethu=.

umbuzo

Kuyiqiniso yini ukuthi eTestamenteni eliSha iVangeli ngokukaJohane 1:18 lithi: Aakekho-muntu owambona uNkulunkulu kepha iNdodana (ebizwa lapha ukuthi inguNkulunkulu) yambonakalisa uYise na?

impendulo

Kuyiqiniso eliyilo!

umbuzo

Kwakwenzeka yini ukuthi enkathini yeTestamente eliDala uJahwe wafika emhlabeni ngesimo somuntu wabonwa ngabantu wakhuluma nabo wathintwa yibo na?

impendulo

Yiqiniso eliyilo! Linganisa uGenesise 16:13; 18:1-22; 32:24-30; 35:1; uEksodusi 24:9-11; 33:18-23; abaHluleli 6:13; uIsaya 6:1-7.

umbuzo

Ngubani lo uJahwe iTestamente eliDala elikhuluma ngaye uma ngabe iTestamente eliSha lisho ukuthi uNkulunkulu uYise wayengazange wabonwa-muntu na?

impendulo

Ngokusho kwamazwi esiwathola kuJohane 1:18 kufanele kube-nguNkulunkulu oyiNdodana! UYise neNdodana bobabili bathiwa uJahwe (linganisa uGenesise 19:24).

Index

 3 NGOJESU KRISTU OLINGANISWA NESIDALWA

oFakazi bathi

UJesu uyisidalwa sokuqala sikaNkulunkulu eyingelosi enkulu ethiwa uMikayeli.

umbuzo

NgoJesu kushiwo kuJohane 1:3 ukuthi Akonke kwavela ngaye@. Lokhu kuchaza yini ukuthi wayezidalela Yena na? Noma-ke uNkulunkulu uyaphosisa yini lapho ephinda ukusho ukuthi Aakuvelanga-lutho ngaphandle kwakhe kukho konke okuvelileyo na@? Kungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu ulenza iphutha elingako na? Akugcizilelwa yini khona lapho ukuthi uJesu unguMdali wakho konke okukhona na?

(Linganisa futhi kwabaseKolose 1:16-17 lapho inhumusho yeBhayibheli lenu-boFakazi ingenisa njalo izwana lokuthi Aokunye@ emva kweganyana lokuthi Akonke@. Leliganyana alitholakali esiGrekini! Kanti liyayiguqula incazelo ejulileyo!).

impendulo

Impela, uJesu unguMdali wakho konke engesiso kodwa isidalwa. Nguye onguNkulunkulu waphakade nowasizalelwa thina njengomuntu oyenayena ngomnyaka oyizinkulungwane ezimbili ezedlule. Angabizwa ukuthi Aizibulo lezidalwa zonke@ engumuntu obalulekile kakhulu kunabo bonke!

UDavide wayeyindodana yokugcina kayise kodwa kwamaHubo 89:27 ubizwa ngokuthi Aizibulo@ (noma Aobalulekile kunabanye@). Ngalendlela uJesu unguye obalulekile kakhulu kunabo bonke abadaliweyo enguMdali wakho konke okudaliwe (kwabaseKolose 1:18; kumaHeberu 12:23).

umbuzo

Kutholakala kuphi eBhayibhelini ukuthi uJesu unguye uMikayeli na?

impendulo

UJesu akasiso isidalwa njengoMikayeli! UMikayeli Aungomunye wezikhulu@ (uDaniyeli 10:13) kodwa uJesu AuyiNkosi noNkulunkulu@ (ngokukaJohane 20:28). Futhi-ke zonke izingelosi zifanele zikhuleke kuye (kumaHeberu 1:6).

umbuzo

Kutholakalaphi eBhayibhelini ukuthi uJesu waguquka waba-nguMikhayeli emva kokwenyuka kwakhe na?

impendulo

Lokhu akutholakali neze eBhayibhelini, kodwa uStefanu wabona izulu livuliwe wakhuleka kuJesu! (izEnzo 7:56, 60). Futhi-ke uJesu wazivezela kuPawulu ngokuthi uJesu (izEnzo 9:5). Nakuso isAmbulo 22:16, 20 uJesu uzivezela njengaye njengalokhu nasekubuyeni kwakhe uzovela njengoJesu!

umbuzo

Nina-boFakazi nivuma emabhukwini enu ukuthi uJesu AunguNkulunkulu onamandla@, kodwa niphika ukuthi unguMninimandla onke. Kusho lokhu yini ukuthi nikholelwa kubo onkulunkulu abaningi noma-ke nikholwa kukho okulotshiwe eBhayibhelini ukuthi kukhona uNkulunkulu oYedwa zwi (uNkulunkulu onamandla noma-ke onguMninimandla onke) na? UJesu akabizwa yini ukuthi unguMninimandla onke na? (isAmbulo 1:8). Ngokusho kweSambulo 1:17-18 uJesu ungowokuqala nowokugcina okusho ukuthi uAlfa no-Omega (isAmbulo 1:8; 22:12-13). Lo uAlfa no-Omega unguMninimandla onke (isAmbulo 1:8).

impendulo

Kukhona uNkulunkulu oYedwa kuphela. Nguye onamandla. Nguye onguSomandla. Nguye ongowokuqala nowokugcina, uAlfa no-Omega. NjengoYise nanjengoMoya oNgcwele uJesu unguye loNkulunkulu onguSomandla.

Index

4 NGAYE UMOYA OYINGCWELE

oFakazi bathi

UMoya oyiNgcwele akasiye uYena kodwa ungamandla asebenzayo njengelektrisithi.

umbuzo

Umuntu angadabukisa kanjani amandla anjenge-elektrisithi na? (linganisa kwabase-Efesu 4:30; uIsaya 63:10).

umbuzo

Umuntu angaqamba amanga kanjani kuwo amandla anjalo na? (linganisa izEnzo 5:3-4).

umbuzo

Isono esingenakuthethelelwa singenziwa kanjani mayelana namandla athize-nje na? (linganisa ngokukaMarku 3:28, 29; kumaHeberu 6:4-6).

Ngaphezu kwalokhu singabuza ukuthi umuntu angawonela kanjani amandla na?

umbuzo

Amandla angaba-ngcwele kanjani na?

umbuzo

Kungani ukuthi iBhayibheli lisho ukuthi uMoya oNgcwele unawo amandla lapho nisho nina ukuthi uyiwo amandla na? (linganisa kwabaseRoma 15:13, 19).

umbuzo

Amandla angaba-nokukhuluma kanjani nokufundisa (kwabaseRoma 8:26-27) nokuzwa nokuba-nentando yawo nokuba-namasu nokwenza ukuba umhlangano athathe izinqumo (izEnzo 15:28) njalonjalo na? (linganisa ngokukaJohane 14-16; I kwabaseKorinte 12:11).

impendulo

UMoya oNgcwele unguNkulunkulu uqobo eyinxenye kaNkulunkulu onobuZiqu-zintathu (izEnzo 5:3, 4; II kwabaseKorinte 3:17; ngokukaMathewu 28:19).

Index

5  UJESU WAFA ESIPHAMBANWENI NOMA ENSIKENI NA?

oFakazi bathi

UJesu wayengafi esiphambanweni kodwa ensikeni ephuhlile

umbuzo

Kubalulekile yini ukuthi umuthi uJesu ayefela kuwo wawu-yini na?

umbuzo

AmaRoma abeyonqamuleza yini uJesu ensikeni ephuhlile ozandla zakhe zabethelwe phezu kwekhanda lakhe lapho ebebanqamuleza abaphangi eziphanbanweni na?

umbuzo

Uma ngabe uJesu ebenqanyuleziwe ensikeni ephuhlile amaKristu abeyodweba yini imifanekiso yesiphambano emathuneni awo nasezindaweni lapho ebezisitheze ezitheni zawo na?

umbuzo

UJohane ubeyokhulumile ngezipikili ezazisezandleni zikaJesu uma ngabe lezozandla zazibethelwe phezu kwekhanda lakhe njengalokhu nina-boFakazi nidweba imifanekiso emabhukwini enu na?

impendulo

Isiphambano sasingesiyo into edwetshiwe ngabezizwe. Abezizwe (amaRoma) babesebenzisa sona njengento umuntu ajeziswa kuyo. Ngakho-ke umuthi wesiqalekiso uJesu Kristu ayenqanyuleziwe kuwo uyisiphambano.

Index

 6 NGOKUVUKA KWABAFILEYO KUKAJESU

oFakazi bathi

UJesu wayengavuki ngokwakhe ngokuba emva kokufa kwakhe nokuvuka wayengaphili neze.

umbuzo

Uma ngabe bekunjalo uJesu wayengenakusho ekufeni kwakhe ukuthi: ABaba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami@ (ngokukaLuka 23:46). Ngokuba uma nina-boFakazi beniyobe-neqiniso bekungamsaleli lutho uJesu ukumupha uYise!

umbuzo

UJesu wayesholoni uqobo lwakhe ngaphambi kokufa kwakhe ukuthi Yena uqobo lwakhe uzovusa umzimba wakhe ekufeni na? (linganisa ngokukaJohane 2:19-22).

impendulo

Lokhu kungenzeka kuphela lapho umoya wakhe wawusaphila emva kokufa kwakhe. NgokukaJohane 2:19-22: ABhidlizani lelithempeli ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.... Wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe. Kuth� esevukile kwabafileyo abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo...@.

UbuziQu-zintathu bukaNkulunkulu bugcizelelwa ekuvukeni kukaJesu ngokuba ngaphandle kwalawamavesi angenhla ashoyo ukuthi uJesu wazivusa kwabafileyo kukhona amanye achaza kabanzi ukuthi naye uYise (I kwabaseKorinte 15:15) noMoya oNgcwele (I kaPetru 3:18) bamvusa kwabafileyo.

oFakazi bathi

UJesu wayengavuki kwabafileyo ngokomzimba kodwa umzimba wakhe wawudilizwa nguNkulunkulu. Ngakho wavuka ngokomoya wakhe kuphela.

impendulo

Kodwa uJesu washo ngaphambit kokufa kwakhe wathi:

ABhidlizani lelithempeli (umzimba wami!!) ngizakulivusa (lomzimba wakhe!) ngezinsuku ezintathu@ (ngokukaJohane 2:19).

Kwenzeka futhi emva kokufa nokuvuka kwakhe ukuthi (ngokukaLuka 24:36-49):

Ž abafundi bakhe bacabanga ukuthi babona ithongo (24:37)

Ž uJesu uphika ukuthi uyithongo ekhombisa ukuthi unomzimba owonawona (24:39)

Ž uJesu uqinisa ukuthi akasilo ithongo ngokusho ukuthi bafanele bambheke bamthinte, yebo, uyadla phambi kwamehlo abo (24:39-43)

Ž abafundi baphendula lokho ngokuthokoza okukhulu ngenxa yokuba-khona kwakhe ngokomzimba (24:41)

UJesu ubathuma abafundi bakhe ukuyomfakazela ukuthi wavuka impela ngokomzimba wakhe (24:46-48).

impendulo

Naye uTomase ukholwa kuphela lapho esebonile uJesu namanxeba ayanawo; futhi-ke uJesu wamyaleza ukumthinta emzimbeni wakhe (ngokukaJohane 20:20-29).

impendulo

Ithuna elivulekile libafakazela abakholiweyo ukuthi uJesu wavuka ngokomzimba kwabafileyo (ngokukaLuka 24:1-12; ngokukaJohane 20:20-29). Nazo izingelosi zikugcizelela lokhu (ngokukaLuka 24:5-6) lapho zithi: ANifunelani ophilayo kwabafileyo na? Kakho lapha, kepha uvukile@.

impawulo

Lendlela oFakazi abakhuluma ngayo isikhumbuza kakhulu indaba abalindi bethuna likaJesu ababeyisakaza yona (ngokukaMathewu 28:11-15) yokuthi uJesu wayengavuki ngempela kwabafileyo kodwa ukuthi abafundi bakhe babeseba isidumbu sakhe.

Index

 7 NGOKUBUYA KUKAJESU KRISTU

oFakazi bathi

Ukubuya kukaJesu okungenakubonwa (bathi: >ukuba-khona kwakhe@) sekwenzekile emnyakeni ka-1914.

umbuzo

IBhayibheli alifundisi yini kabanzi ukuthi ukubuya kukaJesum kuzokwenzeka bonke abantu bekubona ngamehlo na?

impendulo

Sifunda eZwini likaNkulunkulu ukuthi uJesu Auzokuza kanjalo njengalokho nimbonile eya ezulwini@ (izEnzo 1:11)

nokuthi Auyeza namafu namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo@ (isAmbulo 1:7) nokuthi AiNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo... nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala. Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini sihlangabeze iNkosi emoyeni...@ (I kwabaseThesalonika 4:16-17).

Lokhu kusho ukuthi uJesu uzobuya ezokubonwa ngamehlo abo bonke nawabo abamgwazile.

umbuzo

IBhayibheli lisifundisa kuyiphi indawo ukuthi uJesu uzobuya engenakubonwa na?

mpendulo

UJesu akazange wasuka nakanye engenakubonwa (ngokokuba-sezindaweni zonke kwakhe) kodwa wayekhona nasemuva kokwenyuka kwakhe (kwakungaqali lokhu ukuba-khona kwakhe emnyakeni ka-1914!!). Wayelethembisa iBandla lakhe khona ngaphambi kokwenyukela kwakhe ezulwini wathi: ABheka, Mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe@ (ngokukaMathewu 28:20).

impawulo

Yilokhu ukuthi ubufakazi bokuba-nguMkristu butholakala kukho ukuba-kithi kukaJesu Kristu (linganisa II kwabaseKorinte 13:5), hhayi enhlanganyelweni nathi njengokusho kweBhayibheli lenu-boFakazi elihunyushiwe lapha ngamanga!

umbuzo

Uma ngabe uJesu ubeyofikile emnyakeni ka-1914 (njengokusho kwenu-boFakazi) kungani ukuthi nani uqobo anizange nazi lapho ebefikile na?

impendulo

Ebhukwini lebandla lakini (AThe harp of God@- 1937) nafundisa ukuthi ukubuya kukaJesu kwakwenzeka emnyakeni ka-1874. Ngakho anizange naprofetha (njengokusho kwenu kwamanje) ukuthi uJesu uzobuya emnyakeni ka-1914 kodwa nanisho ukuthi emnyakeni ka-1914 kuzokuphela yonke imibuso yomhlaba kanye nobuKristu - okungazange kwenzeka.

umbuzo

Lawamahemuhemu enu ngokubuya kukaJesu (okungazange kwenzeka namanje) awaphiki yini okutholakalayo eBhayibhelini na?

impendulo

KuMathewu 24:23-27 nguJesu uqobo osixwayisayo ethi: AKhona uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu, noma: nanguya, ningakholwa@ (24:23). Mhla efika ngokweqiniso uzobonakala kusukela empumalanga kuze kube-sentshonalanga (24:27).

Lo uKristu wenu-boFakazi bakaJehova akasiye yini omunye walabo abathiwa oKristu bamanga na?

Index

8 NGOKUBUYA KUKAJESU NGOKOMZIMBA

oFakazi bathi

UJesu akazukubuya nakanye emhlabeni. Uyazambulela nanamuhla ngoMkhandlu wabo oFakazi bakaJehova.

impendulo

Kuphambene nalokhu sekubonakele (linganisa ngokusha izEnzo 1:11; I kwabaseThesalonika 4:16-17; isAmbulo 1:7) ukuthi uJesu uzobuya emhlabeni ngokomzimba (linganisa futhi isAmbulo 21:3). UJesu usho kuso iselelesi ukuthi uzoba-naye eParadisi (ngokukaLuka 23:43). Nina-boFakazi nifundisa ukuthi iParadisi lizoba-semhlabeni, okusho ukuthi isifundo senu uqobo lwaso sisho ukuthi uJesu uzobuya emhlabeni!

impendulo

Uma bekuyiqiniso ukuthi uJesu uzozambulela Yena kuwo uMkhandlu wawoFakazi niyakuphika okulotshiwe ku-isAmbulo 22:18 ukuthi isambulo sonke sesiphelile. IBhayibheli kaliziphiki nakanye. Uma ngabe uJesu ebeyonambulela nina iqiniso lakhe alinakuba-khona ukuphika emabhukwini enu. Kodwa akunjalo! Ngokuba nafundisa ekuqaleni ukuthi uJesu akasiye uMikayeli nokuthi umuntu akavunyelwe ukugcatshwa nokuthi umkhosi kaKhisimuzi ungagutshwa, njalonjalo - kodwa kwamanje niyakuphika konke lokhu!

Index

9 NGOKUBA-KHONA KUSUKELA EKUFENI

oFakazi bathi

Umuntu akasazukuba-khona emva kokufa kwakhe engaphila eParadisi kuze kube phakade

impendulo

IBhayibheli liyafundisa ukuthi umuntu unokuba-khona okuyikho emva kokufa kwakhe:

� UStefanu ucela ukuba uJesu amukele umoya wakhe (izEnzo 7:56, 59).

� UPawulu unesifiso sokumuka nokuba-noKristu (kwabaseFilipi 1:23).

� Mhla simuka lapha emhlabeni siphila ekhaya likaNkulunkulu (II kwabaseKorinte 5:6, 9).

� OAbrahama noIsaka noJakobe bayaphila enkathini kaJesu (ngokukaLuka 20:37-38).

� UMose noEliya babonakala kuJesu (emva kokufa kwabo; ngokukaMathewu 17).

� Imiphefumulo yabantu abafileyo iyakhuluma yembethe (isAmbulo 6:9-11).

� Okholwa kuJesu uyaphila noma esefile (ngokukaJohane 11:25-26).

� Ukufa akusenadosi futhi sekunqotshiwe nguKristu (I kwabaseKorinte 15:55-57).

� Ukufa akunamandla okumahlukanisa okholiweyo noNkulunkulu (kwabaseRoma 8:38-39).

Index

10 NGOSUKU LOKWAHLULELWA

oFakazi bathi

Usuku lokwahlulelwa luqhuba iminyaka enkulungwane.

umbuzo

Lokhu kutholakala yini eBhayibhelini na?

impendulo

UMathewu 25 kusifundisa ukuthi uJesu uzokwahlulela khona manje ekufikeni kwakhe.

umbuzo

Kufundiswa kuphi eBhayibhelini ukuthi uNkulunkulu emva kweminyaka enkulungwane ufanele ukumkhulula uSathane ukuba azitholele ukuthi ngobani abamsebenzela ngokweqiniso na?

impendulo

UNkulunkulu uyazi njalo ukuthi bangobani abantwana bakhe abamsebenzelayo (ngokukaJohane 13:18).

Index

11 NGESIHOGO

oFakazi bathi

Isihogo siyindawo lapho ofileyo ephumula khona esingesiyo eyokujeziswa.

impendulo

Uma kunjalo uNkulunkulu akanakumjezisi noma-bani omklolodelayo nomphika nomdela njalonjalo.

Kanti-ke izitha zikaNkulunkulu zizokubhujiswa emlilweni oshisekayo (kumaHeberu 10:26-31).

impendulo

Niyakholwa kukho ukuphila okuphakade. UJesu ubeka kumelene nakho isijeziso esingapheliyo (ngokukaMathewu 25:46).

Nazo izigaba ezilandelayo zigcizelela ukuthi isihogo siyindawo esabekayo kubo abangakholiwe: uDaniyeli 12:2; ngokukaMathewu 5:22; 8:12; ngokukaMarku 9:42-49; ngokukaJohane 3:36; kumaHeberu 10:31-32; isAmbulo 19; 20; 20:12-15; 21:8.

Kulezizigaba uNkulunkulu usifundisa ngokucacile ukuthi kuphambene nokuphila okuphakade (enkazimulweni kaNkulunkulu) okukhona ukufa okuphakade okungenakuphela nokwesabekayo lapho kushisa njalo emini nasebusuku umlilo bonke abangakholiwe nabangamlaleli abakuwo. Lokhu kuyisijeziso esingunaphakade - kumesabisa nokumesabisa umuntu kuze kube sekuphakadeni.

 Index

12 NGABO ABANGU-144.000

oFakazi bathi

Kuzoba-ngabangu-144.000 bodwa abazokulidla izulu, kodwa abantu bonke abasele bazowudla umhlaba.

umbuzo

IBhayibheli lisho kuphi ukuthi kuzoba-ngabangu-144.000 kuphela na? Ku-isAmbulo 7 laba abangu-144.000 bangabakholiweyo abasasemhlabeni lapho isixuku esingenakubalwa sisezulwini phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu (linganisa futhi isAmbulo 4:2; 19:1).

impendulo

Mhla uJesu ebuya emafwini izulu nomhlaba kuzoba-kunye futhi-ke uNkulunkulu uqobo lwakhe uzohlala kithi (isAmbulo 21:3).

Index

 13 NGOJESU ONGUMMELI WABATHIZE-NJE

oFakazi bathi

UJesu unguMmeli weqembu labakhethiweyo kuphela.

umbuzo

IBhayibheli lisho kuphi ukuthi kunjalo na?

impendulo

Akasiye yini uMmeli kalowo nalowo okholwa nguye na? (ngokukaJohane 3:16; 6:47).

umbuzo

Iqembu lenu-boFakazi alizimisi yini esikhundleni sikaKristu ngokusho ukuthi isixuku esingenakubalwa asisesivumelwaneni (uJesu Kristu enguMmeli waso) na? Kungenzeka kanjani ukuthi abanye abantu bangabameli benu kodwa hhayi uJesu Kristu onguye ngokusho kweBhayibheli na? (I kuThimothewu 2:5).

Index

 14 NGEGAZI LOMUNTU ELITHELWA KOMUNYE

oFakazi bathi

UNkulunkul usinqabela ukuthela igazi lomuntu emithanjeni yomunye umuntu

impendulo

Qaphelani ukuthi iBhayibheli lisinqabela ukulidla igazi ngenxa yokuba ezizweni zasendulo kwacatshwanga ukuthi igazi linamandla. Ku-izEnzo 15 abakholiweyo abavela kubezizwe babecelwa ukuhlonipha imvamo yabaJuda abengalidli igazi (kanye nenyama yezithombe nokuqumbeleneyo). Kanti-ke amakholwa angakwenza lokhu (I kwabaseKorinte 10:25-30) uma ngabe kungabi-yisikhubekiso kubo ababuthakathaka ekukholweni.

impendulo

Okudliwayo ngumuntu akunakumngcolisa (ngokukaMathewu 15:11, 17, 18; ngokukaMarku 7:15, 18-20).

Ukumthelela umuntu igazi lomunye kuyindlela yokwelapha; akuyikho ukweqiwa komyalezo wokungadli igazi.

Uma umuntu enqaba ukuthelelwa igazi lomunye kungalandela ukufa kwakhe. Lokhu kungukuweqa umyalo wesithupha, okuyinto embi kakhulu kunokweqa umyalo wokungalidli igazi.

Index

Hierdie is die webblad van Dr Hennie van Wyk. Standpunte op hierdie blad is sy eie of die van outeurs wie se werk geplaas word, in watter geval die standpunte die van die genoemde outeur is.